Hlomula Ngolimi LwesiZulu Grade 12 Learner's Book (CAPS)

Yeni, TTC Mazibuko ST , Mazibuko, TC , Yeni, ST

EPUB

Incwadi uHlomula Ngolimi LwesiZulu yebanga le-12 iwuhlelo olunzulu lokufunda ulimi lwasekhaya olugcine noma oluhlangabezane nayo yonke imigomo yoMhlahlandlela woHlelo lokuFunda nokuHlola lukaZwelonke ukuze kuthuthukiswe ngempumelelo abafundi abangabasebenzisi bolimi abakuleli banga. Le ncwadi uHlomula Ngolimi LwesiZulu yebanga le-12 ithuthukisa amakhono okulalela, okukhuluma, okufunda, okubhala nawokusebenzisa ulimi ngendlela edidiyele. Abafundi bazoyithola beyithakasela futhi ibaheha kakhulu. Incwadi yomFundi inalokhu okulandelayo: â?¢ izahluko ezahlukene eziyizingqikithi ezibheka izimo ezahlukene zempilo; â?¢ amayunithi ahlelwe ngokwezingqikithi athuthukisa ngendlela ekhulayo amakhono anhlobonhlobo abafundi; â?¢ izinhlobo ezahlukene zemibhalo yokufunda ehlelwe ngaphansi kwezingqikithi ezahlukene; â?¢ imisebenzi eyahlukahlukene evumela umfundi asebenze yedwa, bengababili nangamaqenjana; â?¢ ingosi equkethe ulwazi nenika izincazelo ngesihlokwana kulelo nalelo khono, â?¢ ihlele amathuba okusebenzisa ulimi ukuze umfundi aqokelele ulwazi ngokulikhuluma nokulifunda; â?¢ inengosi yokufunda ukulibhala ngendlela ehlumelelisa ukuzethemba nokuzigqaja ngalo. Igcizelela ukulandelwa kwemigomo yokubhala nokusetshenziswa kolimi Incwadi uHlomula Ngolimi LwesiZulu yebanga le-12 iyinsizakufunda nokufundisa eyisidingo kubafundi abaphokophelele ukuphumelela esikoleni nasempilweni jikelele. Yembulela umfundi ulwazi ngempilo yakudala, ngobuciko bokukhuluma obunjengemilolozelo, izibongo, izihayo nokunye. Kulula ukuyilandela njengoba ihlelwe ngokwamasonto anqunyelwe ukuba kufundwe ngawo. Inika izibonelo zemibuzo yokuvivinywa ikakhulu eyokuphela konyaka. Lokhu kuzosiza umfundi lapho esezilolongela ukuhlolwa.

Unavailable in your Territory
9781430737926
69.62 mb
isiZulu
2017-07-01
vivlia publishers
1
5
Unauthorised downloading, copying, distribution or exploitation of this content is an infringement of intellectual property rights and may be a criminal offence. Your purchase and download of this content is for your personal use, and you agree not to modify, copy, or share it with any other person.